
Umqeqeshi waMaZulu FC Parbo Francisco Martin uthi akanayo ingcindezi ngomdlalo abazowudlala ne Mamelodi Sundowns FC kusasa eKing Zwelithini Stadium ngo 19:30. AmaZulu FC azodlala lomdlalo esehlulwe imidlalo emthathu ilandelana njengoba asanda kuhlulwa yi TS Galaxy emdlalweni we Carling Black label Knockout Cup. Ngaphambili adliwe yi Stellenbosh FC ekhaya, kepha AmaZulu FC adlala kahle kakhulu, kodwa udonga lasemuva luyavuza nasemapalini kuyavuza naphakathi nesisu kuyabhoboka njengoba abadlali abanjengo George Maluleke belizwa ngendaba ijezi ngaphansi komqeqeshi Parbo Francisco Martin.
Endaweni yakhe udlalisa Beni Motsware, no Cenimpilo Ngema, khona manjalo iMamelodi Sundowns FC kulindeleke ukuthi iqhube lapho kugcine khona amanye amaqembu, mangabe uSuthu lingazibambi ziqine, njengoba iza kulomdlalo iphefumula ngenxeba njengengwe
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
