
ULindelani Sibisi uzotholana no Sange Ngoza wase Duncan Village Eastern Cape ekhaya lomphetha bomhlaba ne SA Title abaningi abaphuma khona, kodwa Sibisi ophekwa ngu Nathi Hlatshwayo no Mtuseni Dube emgodini jimi Dundee bangaphansi kwe Hlula Dladla Boxing Promotion ehlela izimpi zakhe, ngizokulwa nginqamuke izandla njengoba sibanga lelibhande elingaphethwe muntu ngifuna lisale lapha Dundee eMzinyathi, uBaba uDladla ongumhleli wezimpi zethu usebenza kanzima ukusigcina sithokozile njengoba amabhokisa angaphansi kwe Hlula Dladla Boxing Promotion ne Nhle Jobe Boxing Promotion aphethwe kahle ngendlela esezingeni lomhlaba njengoba lamabhokisa ayasebenza ngokushaya isibhakela. lamabhokisa adlala njalo ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla kwalaba bahleli bezimpi, khona manjalo uSibisi kulindeleke ukuthi ajoyine abanye ompetha be Hlula Dladla Boxing Promotion ne Nhle Jobe Boxing Promotion ngomgqibelo abafana no Bathabile Ziqibu WBF International, Mxolisi Zuma WBF International, Sibisi ngomunye wamabhokisa ayashaya isibhakela somhlaba njengoba uyakwazi ukuguqula umdlalo awushintshe ngendlela afuna ukwenza ngayo, abathandi bezamankomane bazobhema bakholwe ngezinga lezimpi abazozibona Oliver Conversation Center ngase North Beach eduze no Spar
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
