
Esikhathini samanje kuyathusa futhi akulindelekile ukuthi kungaba khona abantu bomphakathi abangenawo amanzi afenele ukuphuza. Kepha lokhu kusayinsakaulela umchilo wesidwaba kuzakhamuzi zase Mvoti njengoba namanje zisaphuza amanzi nezimbongolo njengoba umasipala waseMvoti uhlezi phezulu kwentuthuko yabantu bomdali.
Ubuholi base Mvoti buklwebhana bodwa bubanga amandla okuphatha umasipala wase Mvoti, lomasipala uholwa ngabaholi abayimpuphuthe ezihlulwa ukuhlinzeka abantu ngentuthuko, idilobha lase Greytown labe lakhiwe ngabamhlophe lilihle linakekelwa kodwa namuhla liphenduke igoqo lezingulube njengoba umasipala uyahlulwa ukulivuselela nokulihlanza, kusukela kuphethe ANC langcola lapho kuze kube namuhla, amakhosi akhele lomasipala awaneme ngendlela osalele ngayo emuva ngentuthuko ehlinzekwa abantu bamakhosi, kumakhosi akhele lomasipala, khona Inkosi yakwa Zondi, Ngubane eMabomvini eMsinga, Mchunu, Ngubane eMvoti, Ngubane eFaya, Nkwanyana, Ntanzi, Ndlovu, Mkhize, Sithole, Cele, Dlomo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
