
Umsakazo womphakathai ozinze ePort Schepstine, UGU Youth Radio ubungaza iminhaka eyishumi nanye wasungulwa. Lomsakazo owafike washinfsha oluningi ikakhulukazi ezithuthukisa impilo yentsha yoGU District namaphethelo. Kuzokhunbuleka ukuthi esikhathini esinjngi imisakazo yomphakathi ayenzi nzunzo ngakho ngisho abavolontiyayo bazinikela ngokuzikhandla lokho kudala ukuthi nanxa eminye jmisakazo yomphakathi ivalwa ngenxa yokukweleta uSentech kodwa lomsakazo awukaze uvalwe.
Umphathi siteshi nongomunye wabasunguli balomsakazo uSyabonga Mkhungo uthi namanje akakholwa ukuthi iphupho ayelifisa kusukela esakhula seliqede iminyaka eyishumi nanye. “Angikakholwa namanje ukuthi yithina laba esihlanganisa jminyaka engu11 sisakazela umphakathi ngokuzigqaja futhi nangenkulu injabulo. Kuyangijabulisa kakhulu ukubona iphupho lentsha lifezeka futhi liqhubeka nokuvundulula amathalente ngesikhathi liphakela umuphakathi esiwusakazelayo. ” kuqhuba uMkhungo
Umphathi walesiteshi uphinde wadlulisa ukubonga nakosomabhizinisi, nomasipala abangaphansi kweDistricti UGU, kanye noHulumeni wesifunda ngokubambisana nalomsakazo ukuthakela umphakathi izinhlelo azahlukene.
“Ngithanda nokubonga osomabhizinisi esisebenzisana nabo, omaspala kanye noHulumeni ngokuthi sesebenzisane nabo ukuthakela izinhlelo zomphakathi” kuqhuba uSiyabonga.
Jmsakazo womphakathi UGU Youth Radio, waqala ukuzwakala emoyeni mhlaka 1 kuZibandlela ngonyaka ka2013, kwi-frequency u 93.4fm lapho wawusasakazela edolebheni iPort Schepstone. Kwathi ngojuhamba kwesikhathi lomsakazo wathutha waye eGamalakhe, nalapho usazinze khona namuhla. Ulalelwa kakhulu intsha ngoba nomculo odlalwa kakhulu kungoqondene netsha kanti nabasakazi basebasha lokhu kwenza lomsakazo ube nedumela kakhulu kwintsha yaku UGU District namaphethelo. Lomsakazo utholakala ku 93.4fm kanti usakaza amahora angu24 futhi izinhlelo zithinta umphakathi kanye nokwenzekayo ezweni.
Ugu Youth Radio 93.4FM wumsakazo womphakathi waseNingizimu Afrika ozinze ePort Shepstone, KwaZulu-Natal, obhekelela izidingo zomphakathi, okhuluma isiZulu. Yasungulwa ngo-2011 futhi yaqala ukusakaza mhla lu-1 kuZibandlela wezi-2012, iyisiteshi somsakazo esikhulu kunazo zonke oGwini oluseNingizimu . Lesi siteshi sinelayisensi yokusakaza evela ku-ICASA.
Inhloso yawo ukuxhumana nokwazisa intsha yasoGwini oluseNingizimu nangale kwayo njengendlela yokuthuthukisa intuthuko ephelele, ezenhlalakahle, ezomnotho, ezempilo kanye nezomoya, ngaleyo ndlela kuthuthukiswe izinga lempilo, kugqugquzelwe ubunye nokwakhiwa kwezwe nokwenza kube nokwenzeka ukuthuthukiswa komnotho. umphakathi ovulekile nomangalisayo. Baphinde baveze isidingo sokuthuthukisa isiteshi sentsha ngokuqonda impilo yabantu abasha kanye nokuqonda umlando womphakathi, izinsiza kanye nezinselelo zawo.
ungalandela lomsakazo kuFacebook, Ugu Youth Radio 93.4FM “KZN’s No.1 Youth Radio Station” kanti usakaza ngezilimi ezintathu okubalwa Englis, IsiZulu kanye IsiXhosa.
Kanti IBUNDA IZINDABA nalo lihalalisele lomsakazo: “Siyakuhalalisela UGU Youth Radio, uqhubeke njalo, sikufisela konke okuhle”
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
