[IMIBONO] Nkhokheli vikela amakhosi uyeke ngezinyembezi zengwenya!

UNDUNANKULU waseKZN, uNkk Nomusa Dube-Ncube, unxusa wonke umuntu ukuthi ayeke ukusebenzisa ukufa kwamakhosi ukuze athole amaphuzu ashibhile kwezombusazwe.

Lokhu kulandela ukuthi iNkatha Freedom Party (IFP) ibuze ngo-R11,5 million okuthiwa unikezwe uMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi. Le mali kuthiwa bekuhloswe ngayo ukusungula uphiko lweCommunity Safety Intervention, oluzovikela amakhosi esifundazweni.

I-IFP ibuze lo mbuzo ngemuva kokuthi inkosi uSiphamandla Khumalo wase-Utrecht Emadlangeni, e-KZN eyadutshulwa yabulawa ishayela nonkosikazi wayo ngaphandle kwesivikelo yize yasinda ngesikhathi izama ukuyibulala ngoNovemba 2022.

UDube-Ncube uthe: “Sifuna ukuseluleka sonke ukuthi simelane nesilingo sokuthola amaphuzu ashibhile kwezepolitiki ngenxa yokuhlonipha imindeni nemiphakathi edabukile, sivumele uhulumeni jikelele ikakhulukazi ama-SAPS ukuthi aqhubeke nemizamo yawo. ukunqanda lesi sishayo ngaphandle kwezithiyo.”


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *