[DISPLAY_ULTIMATE_SOCIAL_ICONS]

UMeya womkhandlu wase Mzinyathi/Umzinyathi District Municipality uCllr P Ngubane ebambisene nomkhandlu wase Nquthu/ Nquthu municipality bahambele izindawo eziningi namhlanje ngaphansi koMkhandlu wase Nquthu.
umeya uthe baqale eThelezini bashiya R16 million kumanje abantu sebeyaphuza eThelezini sekusele imizi embalwa osonkontileka besaqedela khona ukuze yonke imizi ithole amanzi.
Basuke lapho baya kwa Nyezi nalapho bashiya R15 million, basuka lapho baya eNtinini, nakhona bashiya R18.5 million,lawa ngamaprojecthi akulonyaka awenziwe eNquthu.
uqhube wathi ukusho lokhu ukuze umphakathi ungakhohliswa abantu bethi umkhandlu awenzi lutho usukuma ngoba sekzoba ukhetho, emalokishini eNquthu kuyimanje sixhuma amathangi oJOJO ukuze umphakathi ufake amanzi .
loluhambo baluphethele esigcemeni sesihlanu (5) kwaVuyiza lapho beshiye khona imali engango R34. 8 million,loluhlelo abebezolothula lizosiza izindawo ezintathu kwa Vuyiza , Mayicentela ne Ntababomvu.
lomsebenzi kuhlanganisa ukufakwa kwamapayipi iziphehlimanzi, ompompi abawu 135 , umphakathi ozohlomula kulesisikimu samanzi abebeyethula imizi engu 310 , kulezondawo ezibalwe ngenhla.
esephetha uthe ucela umphakathi ubambisane nabo ukuze wonke umuntu agcine ewatholile amanzi . okhulumele umphakathi uMnu. Mbuyisa uthe amanzi bebengakaze babenawo kusukela ngonyaka ka 1994 ,bajabule kakhulu ngaloluhlelo futhi bayabonga emkhandlwini wesiFunda Umzinyathi.
Sekutholakale isidumbu sephoyisa sinamanxeba okudutshulwa ekhanda nasemzimbeni eKlipriver eMnambithi enhla nelikaMthaniya namuhla ekuseni.
Lesidumbu kubikwa ukuthi sibonwe sintanta ngabebezihambela eduze kwalomfula maqede bahlaba umkhosi.
Ngesikhathi sokubika loludaba imininingwane ethe xaxa ngaleliphoyisa nokuthi lingubani wakwabani ibingakakhishwa kusazoxhunywana nomndeni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
