Sebezophuza amanzi ahlanzekile KwaVuyiza, eNquthu

LIPHUME nobomvu emphakathini wakwaVuyiza, Mazicentela naseNtababomvu kwethula uhlelo lokufakwa amanzi oluzodla isamba sika-R34 million.

Lolu hlelo olwethulwa uMasipala wesiFunda uMzinyathi  luhlanganisa ukufakwa kwamapayipi, amathange amabili  nompompi  abazimele abaxhunywa emphakathini abawu-135 . Imeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi uAld PMS Ngubane  ithi lamanzi uzofakwa kulezi zindawo azobe esephuzwa ngoKhisimuzi  wangonyaka ozayo.

“Lamanzi esiwethula namhlanje alandelwa esiwathule eThelezini adle isamba sika-R16. 4 million, sadlulele kwaNyezi sashiya uR15 million wokufaka amanzi.

Sisuke lapho saya eNtinini  safaka amanzi adle isamba sikaR18. 5 million.

Lamanzi engikhuluma ngawo ethulwe kulo masipala waseNquthu kuphela  uMsinga unawawo amanzi esiwethule ezindaweni ezahlukene okubalwa koPharafini nezinye izindawo,” kusho iMeya.

UMnu Phangi Mbuyisa oyisakhamizi uthi liphume nobomvu amanzi bebewaphuza nezimbongolo. Amanzi njengoba esezongena emakhaya sesizokwazi ukutshala njengoba nokudla kubiza kangaka.

“Sibonga kakhulu uMeya  Ngubane ngokusifakela amanzi,  Siyethembisa ukuthi nathi siwumphakathi sizosebenzisana nosonkontileka ukuze lo msebenzi uphele ngesikhathi , “kusho uMnu Mbuyisa.

Imeya iqhube yathi umsebenzi wamanzi eNhlopheni, Ntinini,Thelezini eNquthu uyaqhubeka  Endaweni yaseMsinga eNkubungwini , Ogunjani, Mthembu West ziyaqhubeka izinhlelo zokufaka  amanzi.

IMeya iphethe  ngokunxenxa umphakathi ukuthi usebenzisane nosonkontileka  ungaphazamisi uhlelo lokufakwa kwamanzi ngoba lezi zinyanga eziwu-12 sizoshaya zedlule uma usonkontileka ephazamiseka amanzi engafikile kubantu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *