
uDelani Madonsela onguthisha omkhulu wase Phakama Primary school nowaduma kakhulu ku African Wanderers, Musa Langa owayengunozinti waMaZulu FC ne Golden Arrows, Tshepo Ntsoane wodumo laMaZulu FC, Orlando Pirates, uMthatha Bush Bucks, Golden Arrows, banohlelo abalenza njalo ngolwesithathu lokusiza abafundi ukuthi bazihlanganise nezemidlalo. Tsepo Ntsoane ukhulume ne Mpempe. Com kabanzi sikhule kudlalwa ezikoleni ezemidlalo ezahlukene , bekulula ukuthi amaqembu athole abadlali abanohlonzo olunqala njengoba abadlali bebeqala ukuncintisana ngephozishini esikoleni baphinde bayibange eqenjini abadlala kulona, ukuthola ijezi ezikoleni bengelula nhlobo njengoba abadlali kade beqhudelana kakhulu ezikoleni, loluhlelo silenza njalo ngolwesithathu badlala ibhola lezinyawo, ezokusubatha, ezamanqindi, ibhola lomunqakwisano, ibhola lombhoxo, ithenisi, ezokubhukuda, kubalula ukuziqonda mangabe ungumntwana ngoba uyakhuthazeka kulokho okuthandayo, mangabe umntwana ezihlanganisa nezemidlalo uyaqoqeka kahle njengoba akazihlanganisi nezidakamizwa ekhungethe intsha yakuleli, khona manjalo uSiyabonga Bhele Nomvete owazakhela igama ku Kaizer Chiefs, Orlando Pirates, Moroka Swallows FC, AmaZulu FC, UDinese, ubeyisimenywa esikhulu uzoqinisa abafundi idolo ngezemidlalo , ngeviki esiphuma kulona Nomvete ubenze Siyabonga Bhele Nomvete Tournament Schools Cup enkundleni iPrincess Magogo Stadium, abafundi bahlabeke umxwele ukubona Siyabonga Bhele Nomvete , lesikole siphakathi elokishini lakwaMashu esigcemeni sakwa C lapho kuzalwa khona Nomvete,
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
