
UMbulelo Mabizela ongumqeqeshi weqembu laMaZulu FC labafana abaneminyaka yobudala abaneminyaka eyishumi nantathu, kuvela ukuthi akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo zomhlaba njengoba akabonakali mangabe iqembu lakhe lidlala ngokuthola komthombo we Ibunda ekade ihambele lemidlalo ePhalokhi enyakatho yeThekwini lapho kade kudlala khona amaqembu abaneminyaka eyishumi nantathu, uthi kutholakuthi Mabizela ufika kanye ejimini mangabe ethanda, Mabizela wazakhela igama ku Maritzburg City, Orlando Pirates, Tottenham Hotspurs , Mamelodi Sundowns FC, AmaZulu FC, Bidvest University, Royal Eagles, Mabizela uthathwa liqembu laMaZulu FC kade isimo singesihle nhlobo kwezomnotho inkonyane libuyele lapho lafela khona njengoba engasabonakali ejimini, Mabizela ngomunye wabadlali abaqale ukugqama emazingeni aphansi ku Maritzburg City wakhula wadlondlobala njengoba wagcina esedonsa amahlelo amaqembu amakhulu kodwa wagcina lowombango wanqotshwa Orlando Pirates lapho wafika waba ngukaputeni, waphinda wandonsa amehlo ezinhloli ze Tottenham Hotspurs yase Ngilandi lapho ufike wagila izimanga kodwa lowomsebenzi omuhle uphelele omoyeni njenge zithukuthuku zenje njengoba ugcine esedla imbuya ngothi, Mabizela ubedlala ibhola elinenkosi phakathi engumholi oqavile enkundleni njengoba wake wahola iqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana, kuningi Mabizela akwenzile okuhle ebholeni njengoba bedlala ngokuzinikela ngokuzikhandla kodwa ngaphandle kwenkundla ilapho kuphambene khona izinto, abalandeli bebhola emhlabeni bafisa engabe basambona enkundleni ngenxa yekhono lakhe eliyigolide elingatholakali ndawo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
