INDIDA NGENXANXATHELA YEZINDLU ZANGASESE EZAKHIWE EMIZINI EMIBILI

Umeya womkhandlu wasoThukela / UThukela District Municipality uCllr iNkosi N.B.Shabalala ucacisele abezindaba ngaloludaba lwezindlu zangasese okubikwa ukuthi zakhiwe zaba ningi emizini emibili .

Ekhuluma nabezindaba uthe ,bona njengomkhandlu bakuzwile lokho babe sebehamba beyobheka . Bathe uma befika bazibona ngempela lezizindlu zangasese eziningi babe sebexoxa nalemindeni.

Ngokusho kukameya bathole ukuthi bekufanele zifakwe zibe ningi izindlu zangasese ngoba lemizi mikhulu kakhulu ,akusoze kwakhiwa indlu yangasese eyodwa kwakhelwe abantu abayikhulu ,kanti eminye imizi ibinganayo indawo ngenxa yamatshe abe esakhiwa ndawonye kodwa ahamba ngalinye umuzi nomuzi.

Abezindaba bayile nabo kulemizi bazibonela ngawabo esigcemeni samashumi amabili (20) ,ongumholi walesisigceme uCllr Abbas Warrasly ,uthe lemizi kungokokuqala ithola loluxhaso ,

Sekunesikhathi eside lemizi yabakhona kodwa ingenazo izindlu zangasese ,sonke lesikhathi zingekho bebezikhulula entabeni futhi engaphephile njengoba sekuke kwashaywa izinhlwathi ezinhlanu kuyo lentaba abebezikhululakuyo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *