
Ayisekho emhlabeni inkakha yomlingisi uMfana Jones Hlophe, oshone eneminyaka engu-53 ubudala kulandela wukuxinwa wukugula.
Lo makadebona womlingisi obaziwa kakhulu ngokudlala indawo kaNimrod emdlalweni otshengisa kumabonakude i-Generations: The Legacy ku-SABC1 udlule emhlabeni ngoLwesithathu ngemuva kokulwa isikhathi eside nesifo sikashukela sohlobo loku-1 (Type 1 diabetes), ngokusho komndeni wakhe.
Umndeni wakhe uqinisekise imbangela yokushona kwakhe esitatimendeni esikhishwe namuhla.
Umfowabo kaHlophe, uBonani Mambi, naye ukhulume nabezindaba namuhla, eveza imininingwane ngemizuzu yokugcina yalo mlingisi. Ngokusho kukaMambi, uHlophe wayeyedwa ekhaya ngoLwesithathu ngesikhathi umlingani wakhe ebuya emsebenzini emthola esesimweni esibucayi.
Lo lingisi ube esehanjiswa esibhedlela iCharlotte Maxeke, nakuba kungacaci kahle ukuthi ushone esendleleni ebheke esibhedlela noma Esanda kufika khona.
Abomdlalo i-Generations: The Legacy etshengisa ku-SABC 1 bavalelise ngomyalezo enkundleni yezokuxumana i-Instagram yalo mdlalo namuhla.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
