
Amaphoyisa aKwaZulu-Natali njengamanje asebenza kanzima njengoba esebenzisa amaqhinga ahlukahlukene okuphatha ukuhleleka komphakathi kanye nezindlela zokulawula izixuku ezinkulu zabantu abagcwele imigwaqo eminingi yaseThekwini namuhla.
Ngokuphambene neminye imibiko yokuthi amaphoyisa ahamba nababhikishi abavumela ukuthi benze ubugebengu phambi kwawo. Amaphoyisa afisa ukucacisa ukuthi okwenzekayo yisimo sokuphathwa kwezixuku futhi umsebenzi wawo ukugcina impilo zabantu, ukuvikela impahla, kanye nokukwazi ukuhlukanisa phakathi kokuvumela abantu ukuthi basebenzise ilungelo labo elisemthethweni lokubhikisha nokuqinisekisa umthetho.
Uma kwenzeka isimo siphuma kulayini, amaphoyisa abe esesebenzisa indluzulu ngokuhambisana nomthetho lapho asuke esesebenzisa ama-stun grenade, usisi olukhalisa unyembezi kanye nokudubula ngezinhlamvu zenjoloba. Kuphinde kwengezwe izinsizakusebenza zamaphoyisa ezivela ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe ukuze kwandiswe isibalo samaphoyisa emigaqweni yaseThekwini.
Njengoba imibhikisho iqhubeka, izikhulu zezobunhloli zamaphoyisa zisebenza kanzima ukuthola abantu okuyibo ababhebhethekisa udlame ebese abaphenyi bayangenelela baqoqe ubufakazi futhi babophe abantu. Njengamanje amaphoyisa enza konke okusemandleni awo ukuthi angahlanganyeli ezenzweni ezingase zibhebhethekise isimo.
Amaphoyisa azonikeza imibiko egcwele ngomkhankaso oqhubekayo futhi abikele umphakathi ngolwazi lwesinyathelo esilandelayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
