Ushiye esikhundleni iqembu lesizwe lehluleka ukufinyelela i-World Cup 2026

Umengameli we-Italy football federation, u-Gabriele Gravina, uyashiya esikhundleni ngemuva kokuthi iqembu lesizwe lehluleke ukufinyelela i-World Cup 2026. U-Gravina uqale ukuphatha kusukela ngo-2018, wathi isidingo soshintsho yilo esimenza ukuba esule esikhundleni.

U -Gabriele Gravina usehluleke amahlandla amathathu ukungena eNdebeni yomhlaba ,lokhu kumdalele amazinyo abushelelezi kubalandeli bebhola -Italy .

Umqeqeshi u-Gennaro Gattuso naye kulindeleke ukuthi ashiye esikhundleni,sokuqeqesha leliqembu lamantaliyane, I-Italy enqobe imidlalo eyisithupha kuphela kweyisishombisa ye-World Cup qualifying ngaphansi kobuhla bakhe.

Kubaqeqeshi abangase bathathe umsebenzi u-Roberto Mancini, u-Antonio Conte, no-Massimiliano Allegri. I-Italian Football Federation (FIGC) izobamba ukhetho ngo-Juni 22 ukuqoka umengameli omusha, ozonenqubo yokwakha kabusha yeqembu.

Umqeqeshi u-Gennaro Gattuso wathi akumele kwandiswe amaqembu ebhola eNdebeni yomhlaba 2026 nokungehlanga kahle kuzingwazi zebhola lase-Africa, nezakuhumusha lokho ngokuthi ukucwasa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.