
UKhethelo Mlaba, umfundi wesikole samabanga aphansi eMlazi uqokwe yiChess SA ukuyomela iNingizimu Africa emdlalweni yeYouth Chess Championships e-Uganda ngomhlaka 14-23 May 2026.
Lomfundi osemncane uzobuye ayomela elakuleli eGeorgia ngomhlaka 15-28 June 2026.
Kodwa ukuhamba kwakhe ayomela izwe kumfiliba njengoba entula imali yoxhaso.
Umengameli weChess KwaZulu-Natal uLindokuhle Ngubane unxusa noma ngabe ubani ongalula isandla ekulekeleni ohambweni lukaKhethelo.
Uhambo lukaKhethelo lokuya e-Uganda ludinga uR53 000 okuhlanganisa ihhotela nendiza.
Uhambo lwaseGeorgia lona ludinga uR100 000 ngoba lapho uzobe ehamba nomzali wakhe kanye nomqeqeshi wakhe.
“Sinenkinga enkulu thina kuchess eNingizimu Africa, kakhulu abantwana abamnyama ngoba abalutholi uxhaso abaludingayo, lokho kugcina ngokuthi bangabe besaqhubeka nemiqhudelwano abaqokelwe kuyona,” kusho uNgubane.
Unxuse noma ngubani ongaba ngumsamariya olungileyo ukuba alule isandla.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
