
IChippa United ivaliwe yi FIFA ngenxa yokuhluleka ukukhokhela uLuc Eymael imali yakhe, Akweletwa yileliqembu le Chippa United engu R 250,000 kanye nenzalo engu 5%. IChippa United ngeke ibasayine abadlali abasha mangabe kuqala isizini entsha yokudayiselana ngabadlali abasha.
Lomkhuba waleliqembu seliwujwayele ukuthi liqashe abaqeqeshi nabadlali bangaphandle lingabakhokheli bahambe bayolibopha ku FIFA. Lomkhuba ka Chippa Mpengesi usungcolise iPSL ngenxa yokuhluleka ukulawula amaqembu ukuziphatha.
Abaqeqeshi nabadlali bangaphandle bayahlomula kakhulu ku Chippa United ngoba ayiphethwe ngumuntu ohlakaniphile nohluleka ukugwema amachilo namahlazo, nosehlise isithunzi se PSL ebholeni lomhlaba. Leliqembu lingamapheka ethulula kubaqeqeshi njalo alinalo uzinzo ebholeni lase Ningizimu Africa.
Baningi abaqeqeshi abaqashwa yiqembu ngoba bengenawo umsebenzi maqede baxoshwe ngesikhathi esincane.
[06:23, 4/8/2026] Alfred Mbovu: AmaZulu FC adedele iSikhukhune United sabuyela emdlalweni we Betway Premiership League- e Princess Magogo Stadium kwaMashu ebusuku .
AmaZulu FC ahlulekile ukuqoqa amaphuzu amathathu agcwele ku Sikhukhune United ePrincess Magogo Stadium ngesikhathi ebambana ngamagoli angu 2-2 .
Abadlali baMaZulu FC basemuva bakhombise ukuvuza njalo njengoba behlulekile ukuvimba abagadli be Sikhukhune United ,
AmaZulu FC ahambe phambili kabili kodwa abadlali basemuva bawahlinzela ezibini behlulwa ukukhipha umhlola endlini nokudale ukuthi leliqembu lingawaqoqi amaphuzu amathathu aphelele ngenxa yabadlali basemuva .
USuthu lugudluzwe yi kaizer Chiefs endaweni yesithathu yeBetway Premiership Premiership League ,nokulenze lahlala endaweni yesine ngenxa yokuqhuzuka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
