
UNobengazi Booth uqophe umlando omusha esibhakeleni sabesifazane eNingizimu Africa ngesikhathi enqoba amabhande amabili ngenyanga eyodwa. UBooth unqobe ngomgqimuzo womlalisaphansi uNomandithini Ndyambo ezimpini ebezibanjelwe eScenery Park Community hall eMonti.
UBooth ushaye kabuhlungu uNdyambo phambi kwabalandeli bakhe ekade bephume ngobuningi ukuzomesekela.
Ekhuluma neBunda News, uBooth ngemuva kwempi ebiseMonti uthe basebenze kanzima nomqeqeshi wakhe uPhlorian Mnikathi ukunqoba lempi.
“Umqeqeshi ungitshele ukuthi mangimshaye isisu ngomzulwiswano wesibili ngempela ngenzenjalo ngambona ukuthi uyavuma. Ngomzulwiswano wesine ngimsheshisile ngabona ikhona lakhe liphonsa ithawula, lapho mina bengisafuna ukumtalabha kancane kwashona ukuthi unompempe uyayiqeda impi,” kusho Booth.
Lo mshayisibhakela waseMoo River ubeyiqhawekazi ephuma nesicoco sebhande leJunior Middle Weight e-Eastern Cape lapho kungabuywa khona kalula.
UBooth wandise ompetha besifundazwe saKwaZulu Natal bafinyelela kwabayishiyagalombili abaphethe amabhande aseNingizimu Africa. Lomshayisibhakela wase Mooi River oqeqeshwa nguMnikathi obephethe inkonjane Boxing Gym eMooi River.
Kuzokhumbuleka ukuthi emavikini amabili uBooth unqobe ibhande leKZN Junior Middle Weight ngesikhathi ebhaxabula kalula uNoxolo Khashibe, Lomshayisibhakela useqoqe amabhande amabili kulenyanga eyodwa March.
Lezimpi bezihlelwe i-OLA GMM Boxing Promotions nomnyango wezemidlalo esifundazweni Eastern Cape.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
