
Umphakathi waku-ward 13 eMabomvini esigodini sakwaDolo eMsinga uthi isiwume emphinjeni eyokushaywa indiva ingalungiswa imigwaqo yawo.
Ibhuloho eliseNadi engakwaBheshwana libhodloke laphela nokudale umonakalo omkhulu.
Lelibhuloho lalakhiwe nguhulumeni wobandlululo ngama 60s.
Umphakathi waseMabomvini wawunethemba lokuthi kuzobakhona ushintsho ngemuva kokhetho lango 1994 lohulumeni owawuhola i-ANC. Sekuphele iminyaka engaphezu kwamashumi amathathu nambili lungekho uguquko kulezi zakhamuzi zaseMabomvini.
Ilunga lomphakathi uVumani Shelembe uthi kuyabakhathaza ukubona amabhuloho engalungiswa.
“Ngibona ngathi uhulumeni waKwaZulu-Natal awundaba nezimpilo zabantu ezisengcupheni. Ngo 2019 kwamuka othisha baseBizimali High School eNkandla kulona lelibhuloho, manje akukapheli nenyanga kumuke abantu abangu 6 kuwona lomfula ngenzansi njengoba uhamba wehla uze uhlangane nomfula uthukela eNhlonga, ” kusho uShelembe.
Ikhansela lendawo uMaqhinga Gwala unxuse abashayeli nabafundi ukuthi basebenzise umgwaqo uMabulala ukuze baphephe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
