
INkantolo eNkulu eThekwini igwebe uScelo Dambayi Sikhakhane (36) odilikajele abathathu neminyaka ewu-80 ngamacala amathathu okubulala, amathathu okuzama ukubulala nawokuphatha isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Izigameko zenzeka eMtilombo Eshowe ngo-April 2023.
Abantu ababulawa nabanye abagilwa abasinda babengabomndeni owodwa.
Ummangalelwa wayehlala endaweni futhi azana nomunye umufi. Ngo-12 April 2023, uSikhakhane nomunye umlisa, uThuthukani Mthethwa bagasela emzini womuntu bafuna isibhamu ngodli kumuntu wakhona. Babehlomile ngesikhathi begasela kulomuzi, bafika bathatha lo mgilwa bamshova ekamelweni bamfuna isibhamu. Kuthe uma bengasitholi isibhamu bamdubula washona.
Baqhubeka badubula amanye amalungu omndeni okubalwa kuwona ababili okuwumfana oneminyaka ewu-14 nowesifazane omdala. Abanye abathathu balimala kodwa basinda. Abamangalelwa bashaya utshani emuva kokugila lo mkhuba endaweni. UMthethwa waboshwa ngo-2024 walahlwa ngamacala amathathu okubulala namathathu okuzama ukubulala. Wagwetshwa odilikajele abathathu.
USikhakhane wabalekela amaphoyisa waze waboshwa ngoJuly 2024 ngomkhankaso wamaphoyisa i-South African Police Services (SAPS), abezobunhloli ne-National Intervention Unit. Ngesikhathi eboshwa watholwa nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Ngesikhathi kuqulwa icala,u-Advocate Alex Khanyile ubize ofakazi abazibonela abakhomba abamangalelwa ngoba bayamazi. Nakuba isigameko senzeka ebusuku kodwa ugesi wawukukhanya.
Umbuso wethule nezitatimende zabagilwa abazibhale beluswe wuMandisa Paulette Sikakane. Abagilwa bakhulume ngomunyu nosizi odalwe yilesi sigameko emilweni Inkantolo igwebe uSikhakhane udilikajele ngecala ngalinye lokubulala, iminyaka ewu-20 ngecala ngalinye lokuzama ukubulala. Iminyaka ewu-15 ngecala lesibhamu esingekho emthethweni. Uthole neminyaka emihlanu ngokuphatha izinhlamvu ngokungemthetho.Izigwebo uzozidonsa kanyekanye nokusho ukuthi uzodonsa udilikajele.
I-National Prosecuting Authority(NPA) iyasemukela isigwebo. Isigwebo siveza ubucayi bamacala futhi siveza ukuzimisela kwezobulungiswa ukujezisa izigilamkhuba. Kunethemba lokuthi imindeni izoduduzeka futhi kwethuke nabanye abacabanga uwenza lokhu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
