
UFadlu Davids ongumqeqeshi weRaja Club Athletic ubona iMamelodi Sundowns FC izoyinqoba iCAF Champions league.
“Ngikholwa ukuthi ukuphuma kwamaqembu amabili ase-Egypt, i-Al Ahly nePyramids FC kuzoba lula, Kuzoba mqoka ukuthi bagudluze iqembu le-Esparance endleleni yeCAF Champions league uma benze njalo koba bawuqedile umsebenzi,” kusho uDavids.
ISundowns yaguqiswa yiqembu lase Egypt iPyramids FC kuthenjiwe ukuthi abafana besitayela bazobuya nayo ekhaya indebe yeCAF Champions league ngoba iqembu lePyramids FC lithathwa njengeqembu elincane ebholeni lase Africa.
Kodwa laphendula amatafula lanqoba iMamelodi ngo 2-1 nokwashiya imbuzo ngesasa lomqeqeshi uMiguel Cardoso.
Namanje nguyena uCardoso ohola umkhumbi weSundowns nokuyithuba ukuthi ageze igama lakhe lokunqoba iCAF Champions League.
Abadlali beSundowns balwela ukunqoba iCAF Champions league neBetway Premiership League kanti futhi banomthwalo wokubamba iqhaza naseqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana eNdebeni yomhlaba e-USA, Mexico naseCanada ngoJune.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
