
UJomo Sono, ongusihlalo weJomo Cosmos, uncome uRelibohile Mofokeng, ongumdlali weOrlando Pirates, ngokusebenza kwakhe okuhle eqenjini. USono uthi uMofokeng ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu eNingizimu Afrika nongadlala kunoma yiliphi izwe njengamanje.
“Kuzomsiza ukudlala ngokuzimisela eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana ngoba kuzomdonsela amehlo ezinhloli zamaqembu amakhulu eEurope,” kusho uSono.
“Lomfutho anawo eqenjini leOrlando Pirates wokushaya amagoli kuzomele aqhubeke nawo kuBafana Bafana.”
USono waphinde wathi bakhona abadlali abadala abazomsiza eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana, abanjengoThemba Zwane, Teboho Mokoena, no-Aubrey Modiba. “UMofokeng uwakhuphule kakhulu amasokisi ngendlela esizingeni eliphezulu kuBetway Premiership League kamuva njengoba eseshaye amagoli ayisikhombisa kuPirates,” kusho uSono.
USono uthe uyathemba ukuthi uMofokeng uzokwenza kahle nakwiBafana Bafana,
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
