Odilikajele ababili kowabulala izelamani ngenxa yemfuyo

INkantolo eNkulu eMgungundlovu igwebe uNtando Khanyile (24) odilikajele ababili ngamacala amabili okubulala.

NgoNovember 2024, uKhanyile wabulala izelamani uGoodman Mchunu (55) noNgenisile Mchunu (78) eMuden esola ukuthi ilungu lomndeni wabo lintshontshe imfuyo yakubo.

Ngaphambi kwesigameko, uKhanyile wayekholwa wukuthi isihlobo sabafi sasizitapela emfuyweni yakubo. Ummangalelwa wacela umhlangano nesihlobo leso kodwa sangafika. UKhanyile wathukuthela, wadubula uGoodman Mchunu ngo-17 November 2024 ethi uzama ukudoba isihlobo leso.

Kwadlula izinsuku ezine, ngo-21 November 2024 uKhanyile wabonana nomufi wesibili uNgenisile Mchunu owayeseMuden eze emngcwabeni womfowabo uGoodman. UKhanyile wamdubula wambulala. UKhanyile waqeda lapho wabaleka endaweni waze waboshwa emuva kwamasonto kade ecingwa amaphoyisa.

UMshushisi u-Adv Yaseera Latchman ubize ofakazi ababili abaveze ukuthi uKhanyile wagonyuluka kubona ngezigameko. Kuphinde kwasebenza umbiko wezibhamu okhomba uKhanyile. Ufakazi wombuso uthe udaba lwemfuyo lwake lwavela kudala eminyakeni eyisikhombisa kodwa lwalungiswa. UKhanyile ephekwa ngemibuzo uvumile ukuthi babenayo imfuyo kodwa ayisekho manje.

U-Adv Latchman wethule isitatimende samalungu omndeni wabalulewe abasibhale beluswe wuMbalenhle Valencia Komane oyi-Court Preparation Officer. Kuvele ukuthi izigameko zishiye umphakathi uthuthumela. Amalungu omndeni wababulewe uthwele kanzima uyehluleka ukubhekana nesimo.

Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe uKhanyile akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.

I-National Prosecuting Authority iyakwemukela ukuphothulwa kodaba. Ummangalewa ube nesihluku wakhombisa ukungayikhathaleli impilo yomuntu. Kunethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.