
Ingwazi yeKaizer Chiefs uBrian Baloyi ugxeka uMduduzi “Shabba” Shabalala oseqede amasizini amahlanu kwiMpofana kodwa ongayenzeli lutho.
UBaloyi uthi uShabba uhlulwa ukushaya amagoli nosekumdalele amazinyo abushelelezi kubalandeli beChiefs.
“Useqede amasizini amahlanu engumdlali othembisayo, kodwa manje akalenzeli lutho iqembu. Kuzomele aziqoqe ngoba uzogcina esegudla ibhentshi njengoba selimqalile.” kusho uBaloyi.
UBaloyi uthe ukubhekana nolaka lwabalandeli beChiefs kuyamkhinyabeza uShabba, njengoba manje usejima njalo enomcabango ngabalandeli abangasamuzwa.
“Akanabo abadlali abadala abamfaka endleleni, futhi wehlelwe ukuzithemba ngendlela exakayo,” kusho uBaloyi.
UShabalala ungomunye wabadlali abaqhamuka enkulisa yeChiefs ekade kubhekwe lukhulu kubona ukuthi bazoshaya into ecokeme baphinde bahambe ezinyathelweni zoDoctor Khumalo, Thabang Lebese, Brain Baloyi, Thabo Mooki, Jabu Mahlangu no-Itumeleng Khune.
“Kunalokhu bashona phansi beno Nkosingiphile Ngcobo naye othembise isikhathi eside kodwa manje akucaci ngaye ukuthi uyaphi nebhola njengoba eseyifenisha kuChiefs,” usho kanje.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
