Uthi uphoxekile ngabalendeli be-Pirates

Umqeqeshi we Orlando Pirates, u-Abdeslami Ouaddou utshele abemthombo yezindaba ukuthi uphoxekile ngabalandeli beqembu le Orlando Pirates, ngokuphazamisa abadlali, wathi abadlali kuyabalimaza kakhulu emqondweni wabo, futhi lokho kudala ukuthi abadlali besabe manje ukudlala ngendlela efanelekile ngenxa yabalandeli.

“Uma ngabe sidlala eThekwini, abalandeli bakhona bayabasekela kakhulu abadlali bethu, ngeke uzwe bebaklewula njengoba benza kwezinye izifundazwe” kusho Ouaddou.

Khona manjalo lomqeqeshi uphinde wagcizela ukuthi kolamula usuku lokugcina lomdlalo we Betway Premiership League elohlukanisa umphetha we League.

Iqembu le Orlando Pirates libhudluze kabuhlungu iTS Galaxy FC ngamagoli angu 6-0 eMbombela Stadium emdlalweni we Betway Premiership League. ITS Galaxy FC yaziwa njengelinye lamaqembu amancane adume ngokudla ofishi abakhulu ku Betway Premiership League, kodwa bahambe kukubi eMbombela Stadium beshayelwa phambi kwabalandeli babo.

I-Orlando Pirates iphindele phezulu kuLogi ye Betway Premiership League ngamaphuzu angu 51 emdlalweni engu 22 ,bahlukaniswa yiphuzu elilodwa ne Mamelodi Sundowns FC yona inamaphuzu angu 50 .


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.