
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
UPhelelani Jay Jay Mpangase, oyingwazi yeMamelodi Sundowns ophinde abe yiPhini lomqeqeshi woMsinga United, uthi abakalilahli ithemba lokuthi bazoqeda phezulu kuStream B we-ABC Motsepe league KwaZulu-Natal.
“USihlalo weqembu uWelcome Mpanza, uhlala esigqugquzela ukuthi singapheli amandla kodwa kumele silwe kuze kufike ekugcineni,” kusho Mpangase.
Leli qembu laseMabomvini eMsinga lilandela ngemuva kuMkhambathi FC, oqhwakele ngamaphuzu angu 40.
UMsinga United ulandele ngamaphuzu angu 38 emdlalweni elinganayo engu 16.
KuStream A, uMvoti FC uhlezi phezulu ngamaphuzu angu 44 emdlalweni engu 16, ulandelwe yi Njampela FC ngamaphuzu angu 38.
Amathuba amaningi avuna iqembu loMvoti FC ukuthi ungadlala imidlalo yokuhlungela amaNational Play Offs ABC Motsepe League.
Ozonqoba kuStream A uzohlangana nozonqoba kuStream B KwaZulu-Natal.
Ozonqoba phakathi kwalamaqembu uyohamba ayomela isifundazwe saKwaZulu Natal.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
