
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
IKaizer Chiefs iphendule amatafula ngesikhathi ishaya iDurban City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership League eFNB Stadium ngeSonto.
Lomdlalo bekungumdlalo omqoka kakhulu kubaqeqeshi beChiefs abathole ukugxekwa okhulu ngokuhlulwa amahlandla amahlanu elandelana.
Igoli leMpofana lize noGlodly Lilepo ngemuva kokuthola ibhola ebelivela kuMfundo Vilakazi obeze nomyakazo omuhle ngasophondweni lesokudla.
Unozinti weDurban City uDarren Keet ulizwe ngendaba igoli.
IDurban City FC ibuye ngamandla ihlasela kodwa yahluleka ukusebenzisa amathuba.
Ephawula umqeqeshi weChiefs uCedric Kaze uthi leli qembu lidinga ukubuyisa ukuzithemba ngemuva kokuhlulwa imidlalo emihlanu ilandelana.
Umqeqeshi weDurban City FC uPitso Dladla uthe abadlali bakhe badlale kahle kodwa balahla amathuba amaningi.
IChiefs yenyukele endaweni yesihlanu kuBetway Premiership League.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
