
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
Ugubuzelwe ifu elimnyama uMasipala waseNdumeni maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal emva kokushona kwemenenja yawo uMartin Sithole.
USithole kubikwa ukuthi ushonele esibhedlela ngeSonto emva kokungeniswa khona kade ekhale ngezinhlungu.
Izinhlungu zimhlabe emva kokulimala engozini yemoto kade ephuma eThekwini emcimbini wokuklomelisa omasipala abenze kahle obuwenziwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.
Sisekuwo lo mkhandlu sihabule nokuthi esinye isikhulu sawo u-Ayanda Dlungwane sesulile emsebenzini.
Akucaci okwamanje ukuthi uDlungwane usuleleni.
Kodwa umthombo wethu ongashayi eceleni uveze ukuthi esinye sezizathu esisulile uDlungwane ukuthi ubekhala ngokuthi akusebenzeki noMeya uMncedisi Mkhize.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo masipala usezindabeni emva kokuvela kwezinsolo ezithi uMkhize wehlisa ngemilenze inkece eyayabelwe abantu abakhahlanyezwa izikhukhula.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
