
Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ukhwele wadilika ezinganeni zikaKaizer Motaung wathi yizona eziyimbangela yokuthi iqembu lishaye udaka.
UBaxter uthe zonke izinkinga zeChiefs zidalwa uBobby Motaung, uKaizer Motaung jr noJessica Motaung.
Usole laba ngokugxambukela emsebenzini wabaqeqeshi beKaizer Chiefs.
Eqhuba uBaxter uphinde waveza ukuthi lezi zingane zikaMotaung ziyabanga zizodwa nokudala ukuthi imiso seqembu siqhubeke nokuba sibi.
“Abaqeqeshi beKaizer Chiefs abawenzi umsebenzi wabo, kodwa bona ukuthi bajimise abadlali kuphela mangabe sekumele kuboshelwe isikimu bayaqheliswa, ” kusho Baxter.
Abadlali abaningi beKaizer Chiefs baphelelwa ngumdlandla wokudlala ngenxa yesimo sabaphathi beqembu.
“IKaizer Chiefs isobishini ngenxa kayabantwana baKaizer Motaung abadunguza oswini lefu elimnyama,” usho kanje.
IKaizer Chiefs ibhekene nomqansa wokuqeda kumaqembu angu 8 aphezulu kuBetway Premiership League.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
