Isitobha seDurban City sithembisa iChiefs induku

Umdlali wasemuva weDurban City FC, u-Emmanuel Jalai, uthembisa ukuthi iqembu labo lizobuya namaphuzu aphelele emdlalweni wabo neKaizer Chiefs weBetway Premiership League eFNB ngeSonto.

UJalai uthi iqembu labo lizogxila ekutheni lithathe umdlalo ngamunye njengo mqoka, ngoba bafuna ukugcina indawo yabo emaqenjini amahlanu aphezulu kuBetway Premiership League.

Ephawula ngomdlalo, uJalai uthe:  “Umdlalo wethu neChiefs owuzoba lula kodwa kuzoba ngumdlalo onzima kakhulu, kepha singabadlali be Durban City F.C sizibophezele ukubuya namaphuzu agcwele.”

Lamaqembu ahlangana emlezeni wokuqala weBetway Premiership League eMoses Mabhida Stadium lapho iKaizer Chiefs yanqoba ngegoli elilodwa eqandeni.

UJalai uzobe edlala umdlalo wokuqala ebhekene neKaizer Chiefs njengoba emlezeni wokuqala wayengakasayini kuleli qembu lase eThekwini.

Lomdlali ungomunye wabadlali abayizithenjwa eqenjini lesizwe lase Zimbabwe neDurban City FC.

Kuzokhumbuleka ukuthi leliqembu lase eThekwini liqeqeshwa ngu Pitso Dladla oyibamba lomqeqeshi nothembisayo ngomsebenzi wakhe njengoba eqale kahle ngokunqoba imidlalo embili wadlala owodwa ngokulingana.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.