
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
UThembinkosi Lorch ugcine ehlanganile nomqeqeshi wakhe wakudala uRhulani Mokwena osayine ku-Al Ittihad Tripoli yaseLibya.
UMokwena wasayina kuleli qembu ngenyanga edlule kodwa ubesaqedela umsebenzi wakhe e-Algeria. Ushiye iqembu lase-Algeria ngemuva kokungavumelani ngemali.
Lo mqeqeshi waqala wayalela abaphathi be-Al Ittihad Tripoli ukuthi bamthengele abadlali ababili abadingayo kwiWydad Casablanca yase Morocco.
Ngempela abaphathi beqembu bamsayiba uThembinkosi Lorch wase Ningizimu Africa no-Azizi Ki wase Burkina Faso.
ULorch noRhulani basuka kude nobungani babo baqala eqenjini le-Orlando Pirates badlulela nakwiChippa United, Mamelodi Sundowns FC, Wydad Casablanca.
Kuzokhumbuleka ukuthi nguyena uMokwena owalanda uLorch ku-Pirates lapho wayehaqwe yizinkinga wamletha kuSundowns FC waphinda wamletha ku Waydad Casablanca yaseMorocco.
ULorch wahlaba umxwele abaphathi bamaqembu amaningi ezwenikazi lase Africa ngebhola alidlala ku-Club World Cup eMelika lapho waphendula abadlali beManchester City onodoli ngomjiko wakhe oyaphambili.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
