
Inkakha yeKaizer Chiefs uPollen Trompies Ndlanya ukhala ngabadlali beqembu bamanje abangakwazi ukudlala iderby futhi abangaqondi ukubaluleka kwalo mdlalo ekhalendeni yebhola kuPSL.
UTrompies uthe labadlali badingwa ukuthathelwa izinyathelo ngabaphathi beqembu.
Uthe abanye abadlali beChiefs bayawesaba lomdlalo bacashe ngokuthi balimele.
Uqhube wathi uphatheke kabi ukubona abadlali abangazimisele emdlalweni omkhulu kanjena.
Kuningi ukugxekwa kwabadlali beKaizer Chiefs abashaye udaka emdlalweni womkhaya eFNB Stadium ngesikhathi iKaizer Chiefs ishaywa yi Orlando Pirates ngamagoli angu 3-0 phambi kwabalandeli bayo abaningi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
