Indumezulu yamankomane eMooi River

Kuhlelwe indumezulu yemidlalo yesibhakela eMooi River ngoMgqibelo.

UZandile Malinga ongumhleli wezimpi zamangqindi nongumphathi weStarline Boxing Promotion uthe bajabule ngokuba khona kwalezi zimpi.

IStarline Boxing Promotion ngokubambisana neMvelo Boxing Promotion neNhle Jobe Boxing Promotion bahlele indumezulu yezimpi zabashayibesibhakela abasezingeni elikhokhelwayo bodwa

UZandile utshele IBunda News ukuthi banomkhankaso -omqoka ngalolusuku wokuqwashisa ngezimo zempilo ezahlukene.

“Mina ngizoqwashisa ngokuhlukumezeka kwabantu besifazane emakhaya nasemphakathini ngokuthi kumele baluthole kuphi usizo mangabe bebhekene nalesi simo,” usho kanje.

UNomvelo Magcaba-Shezi ongumhleli wezimpi zeMvelo Boxing Promotion nophinde abengumphathi wayo yena uzokhuluma nabesimame ngomhlahlandlela ngezamanqindi kubantu besifazane.

UNhle Jobe- Dladla ongumhleli wezimpi zeNhle Jobe Boxing Promotion yena uzocobelela amabhokisa ngezamabhizinisi ukuthi bangangena kanjani bengabashayi besibhakela.

Le boxing tournament iqeda iminyaka emine yasungula yilabahleli bezimpi zamanqindi besifazane baKwaZulu Natal.

Izimpi sezizonke zimi kanje:


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.