Abadayisi basemgwaqweni eThekwini bakhala ngokucindezelwa umkhandlu


Ngu: Nonkululeko Mazibuko


Abadayisi basemgwaqweni ku-Dr Pixley kaSeme enkabeni yedolobha laseThekwini bathi bazizwa becindezelekile kulandela umkhankaso wokuqinisa umthetho owenziwe amaphoyisa omkhandlu.
Lo mkhankaso uqale ngoLwesine ekuseni, lapho amaphoyisa eqaphe khona abadayisi futhi ethatha izinyathelo kulabo abasolwa ngokuhweba ezindaweni ezingagunyaziwe.
Abanye abadayisi bathi izimpahla zabo zithathiwe, okushiye imindeni yabo isenkingeni yokuphila.
UZodwa Nxe oziphilisa ngokudayisa izimpahla emgwaqeni uthi: “Imvume yami kade ngiyifakela iscelo kodwa ayibuyi kuze kube imanje.”


Omunye wabadayisi, ongathandanga ukudalulwa igama, uthi “Siphuma ekuseni sizofuna ukudla kwezingane zethu. Uma bethatha izimpahla zethu, kusho ukuthi asinalutho. Siyacela umasipala asitholele izindawo esingahweba kuzo ngokukhululeka.”
Abadayisi bathi bayakuqonda ukubaluleka kokugcina imigwaqo yabahamba ngezinyawo ivulekile, kodwa bakhala ngokuthi kwesinye isikhathi abanikwa isikhathi esanele noma izixwayiso ngaphambi kokuthi kuthathwe izinyathelo.


Ngakolunye uhlangothi, uMasipala waseThekwini uthi lo mkhankaso uyingxenye yemizamo yokugcina ukuhleleka enkabeni yedolobha nokuvikela umphakathi.
Abadayisi banxusa umasipala ukuthi kube khona ingxoxo phakathi kwabo nohulumeni wendawo ukuze kutholakale izixazululo ezizobasiza ukuthi baqhubeke nokuziphilisa ngaphandle kokwephula umthetho.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.