
U-Itumeleng Khune oyingwazi yeKaizer Chiefs usegonyuluke ngokwenziwa ngabadlali beqembu ngabaqeqeshi ababambile.
Uthe abadlali abanendaba nabaqeqeshi ababambile ngoba bayazi ukuthi abanayo inhloko yabaqeqeshi ngemuva kokuhamba kukaNaraddine Nabi.
“Abadlali abawahloniphi amabamba ngoba banomqondo wokuthi abazi lutho ngomsebenzi wokuqeqesha,” kusho uKhune.
Uqhube wathi naye uke waba kulesimo esangumdlali.
“Kumele engabe iChiefs yathola umqeqeshi ozoba yinhloko ngabe ayikho kulesimo ekusona njengamanje,” kusho uKhune.
Abaphathi beKaizer Chiefs banengcindezi yokuthatha isinqumo sokuxosha uKhalil Ben Youssef no Cedric Kaze abangamabamba njengoba baphumela obala ukuthi bazoqedela lesizini kuphela ngemuva kwalapho bazothola umqeqeshi omusha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
