Ingwazi yeBafana ilobizela ukuqeqesha iChiefs

Ingwazi yeBafana Bafana uBenni McCathy ulobizela ukuqeqesha iKaizer Chiefs.

UBenni utshele uRobert Marawa ohlelweni lakhe iMarawa Sports ukuthi ukulungele ukuqeqesha iChiefs kodwa akekho njengamanje okhulume naye kuleliqembu.

“IKaizer Chiefs inabadlali abasezingeni eliphezulu kakhulu ishoda ngomqeqeshi. Khona abadlali abancane abanekhono elimangaliso abafana noMfundo Vilakazi, Mduduzi Tshabalala, Asanele Velibayi, Luke Bartaman, Thulani Touch Khumalo noNaledi Hlongwne,” usho kanje.

Kumanje iChiefs idonsa kanzima njengoba ithungatha iwini.

UBobby Motaung oyimenenja yeKaizer Chiefs usanda kutshela abezindaba ngemuva komdlalo weDerby ukuthi ngeke babaxoshe abaqeqeshi ababambile uKhalil Ben Youssef no Cedric Kaze kuze kuphele lesizini.

Kuzokhumbuleka ukuthi abahlaziyi nabalandeli beKaizer Chiefs sebephumele obala ukuthi Youssef no Kaze basindwa ngumthwalo emahlombe ekuqeqesheni iMpofana.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.