Kubulawe onogada ababili kuhlaselwa imoto yemali kuN2


Ngu: Nonkululeko Mazibuko


Kudutshulwe onogada ababili ngesikhathi kuhlaselwa imoto yemali emgwaqeni u-N2 ngoLwesithathu.
Lesi sigameko senzeke ngakwaNPC Cement eThekwini.
Abazibonele bathi abasolwa bafike bayivimba imoto yemali babe sebeqala beyidubula.
Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS paramedics bafike endaweni yesigameko bathola onogada ababili belimele kabi.
Omunye kubikwa ukuthi ubesesimweni esibucayi kakhulu wabe esethuthwa ngendiza enophephela emhlane.
Omunye naye uthole ukulimala okukhulu wabe esethuthwa nge-ambulensi.
Amaphoyisa aqalise uphenya kanti athungatha nezigilamkhuba.
Le sigameko sidale isiminyaminya emgwaqeni.
Kubikwa ukuthi abasolwa babaleke nezikhwama zemali, yize inani lemali elithathiwe lingakaqinisekiswa ngokusemthethweni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.