Amabhokisa aseKZN azoqhudelana  nawase-EC

Umengameli weSANabo KZN Olympic Style boxing organisation uBanele Magadla useveze ukuthi bathole isimemo sokubambisana nabalingani babo iSANabo Eastern Cape style boxing organisation.

UMagadla uthe kuyintokozo enkulu kubona ukuqhudelana neEastern Cape ngoba banezinga eliphezulu ku-Olympic style.

“Yibona abanamabhokisa amaningi amela iNingizimu Africa kuma-Olympics ngakho sifuna ukucija amabhokisa ethu ngendlela esezingeni eliphezulu,” kusho Magadla.

Le inter provincial  phakathi kwalezi zifundazwe izoba ngomhlaka 28 ku March eMtatha.

“Wonke amabhokisa ethu ayobe ephelele ngobuningi njengoba sifuna ukuba nabadlali abaningi kuma Olympics Los Angeles USA ngo-2027,” kusho uMagadla.

Uphinde waveza ukuthi bazosebenzisana ne-Professional Boxing gyms  ngenhloso yokugcina amabhokisa abo ukuze abe sezingeni eliphezulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMagadla unolwazu olunzulu ekufukuleni iSANabo KZN Olympics Style njengoba engelona  ivukane ethuphatheni iBoxing nasekuthuthukusweni kwayo njengoba esebenze nabaholi abaningi abaziwayo abanjengo Alex Sikhosana noThami Mchunu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.