
Isicelo sokucela intokazi engenele umncintiswano kazime uMiss SA ukuba ishenxe ngoba abazali bayo abangaphandle ngakho akufanelekile ukuba awungenele. Isicelo Siqalwe nguSiya Ntuli ecela ozongenela uMiss SA nabazali bakwamanye amazwe ukuthi akafaneleki ukuhlomula sesifikele ku-4000.
“Lokhu akusona isicelo sokucwasa abokufika kodwa isicelo esimayelana nokuzigqaja nobumbano lwesizwe, okugcizelela kakhulu ‘kuzwelonke’,” kusho uNtuli.
“Emqhudelwaneni othi ‘Miss South Africa,’ akumele kube khona ongenele umncintiswano abazali bakhe abangebona abaseNingizimu Afrika, ngisho noma lowo ongenele lo mncintiswano wazalelwa eNingizimu Afrika.”
UChidimma Adetshina, ophume phambili kwabayishumi nantathu emncintiswaneni kaMiss South Africa, ubhekene nengwadla ngenxa yabazali bakhe abangabokufika kuleli. Naphezu kokugxekwa, u-Adetshina usaqinile ekuzimiseleni kwakhe ukunqoba isicoco. Wazalelwa eChris Hani Baragwanath Academic Hospital ubaba waseNigeria kumama odabuka eMozambique, u-Adetshina wakhulela eSoweto.
Abazali bakhe bahlangana eGoli ngasekupheleni kweminyaka yawo-1990 futhi bahlala ePimville ngaphambi kokuthuthela eKapa, lapho u-Adetshina ehlala khona manje. Engxoxweni abe nayo neSowetan SMag, lo mfundi wezomthetho oneminyaka engu-23 ubudala uveze ukuthi ukukhuliswa kwakhe emazweni ahlukahlukene kumnike umbono obanzi ngamasiko ahlukene kanye nomuzwa ojulile wokuziqhenya ngobuyena baseNingizimu Afrika.
U-Adetshina uqale wakushaya indiva ukugxekwa kodwa wakuthola kunzima njengoba ethuthuka kulo mqhudelwano. “Uzama kanzima ukumela izwe lakho futhi uligqoke ngokuziqhenya okukhulu kodwa bonke laba bantu abakweseki… Sengifike lapho angazi ukuthi ngithini noma ngingathini ngoba isihloko esibucayi kangaka. Angifuni ukuthi ngigcine sengisho okuthile bese ngicasula abantu,” kusho yena.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
