Amaphoyisa abophe uXolani okungesiye

Umethuli omusha weSizok’thola uXolani Maphanga uboshiwe waphinde wadedelwa ngemuva kokuthi amaphoyisa amathathu ebone ukuthi abophe uXolani okungeyena. Amaphoyisa aseThembisa abethungatha owayengumethuli walolu hlelo, uXolani Khumalo, omataniswa necala lokuzama ukubulala. UMaphanga, odume ngelika-X, ungene esikhundleni sikaKhumalo kulolu hlelo.

Ngokwemininingwane, leli cala lenzeka mhlaka-31 Januwari, lapho kuthiwa uKhumalo wadubula indoda esandleni ngesibhamu. UMaphanga wabe eseboshwa zingu-15 kuNhlolanja (February) ngemuva kokuphambana noKhumalo ngenxa yokuthi bobabili oXolani bahamba ngezimoto ezifanayo kodwa ezinemibala ehlukene. Omunye wabo ushayela iveni elisiliva elimpunga kanti omunye ushayela iveni eligolide.

UXolani usiqinisekisile lesi sigameko. “Isigameko senzeka lapho ngaboshwa khona ngamacala okuzama ukubulala kodwa ngokuhamba kwesikhathi amacala ahoxiswa ngoba babengiphambanisa noXolani Khumalo,” usho kanje.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.