
UMohale Motaung uvule indawo yakhe yokudlela nendawo yokucima ukoma ngonyaka odlule kodwa useyivale unomphela. UMohale wavula iFusion Cocktail Lounge eMelville, eGoli, ngethemba “lokuhlanganisa abantu.”
Lowo owayengumyeni wesihlabani seSarafina uSomizi Mhlongo, wavule le ndawo yokudlela ngemuva kwezinyanga behlukane. “Kwakuwumsebenzi womuntu siqu, into uMohale ayefuna ukuyenza isikhathi eside, ngisho nangaphambi kobudlelwane bakhe. Wayefuna ukuvula eyakhe indawo yokudlela. Kodwa sonke siyazi ukuthi ibhizinisi lokudlela akusiyo into encane futhi alibona ubukhazikhazi njengoba libonakala ngaphandle,” umngane oseduze naye esembulela. Le ndawo yokudlela ibinandisa osaziwayo ngamaphathi.
Umngani nowayeyisisebenzi kule nhlangano uqinisekise ukuthi isivaliwe. “Wazama ukuyivula. Kuke kwaba nezinyanga ezimbalwa elwa ukukhokha irenti nokwadala ukuba sivalelwa ngaphandle,” kusho umthombo. “Kodwa wanquma ukuvala unomphela. Abasebenzi abazange bakhokhelwe, isitokwe sidinga ukuthengwa futhi irenti ayishibhile, futhi ngoba kuyaye kube ne-load shedding nokusebenzisa amajeneretha kumba eqolo. Indawo yayizovalwa kakhulu. isikhathi namakhasimende azoyeka ukuza ngenxa yalokho,” kusho umngani.
“Kodwa lokhu akuwona umbono ongemuhle ngoMohale, uzamile, kodwa mhlawumbe ngokuzayo angazama into encane njengoba nendawo ibinkulu kakhulu ukuthi ingaphathwa.” Usomabhizinisi ongumakhelwane ongathandanga ukudalulwa uthe sekuphele izinyanga ingavulwa indawo yokucima ukoma. “Kwesinye isikhathi bayafika kodwa kuhlale kukhiyiwe. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, bebevalelwe ngaphandle ngenxa yerenti. Ngisho nomnikazi wangaphambili ubenezinkinga. Futhi, kune-night club ethandwa yintsha, ngakho umqhudelwano unzima.” UMohale akatholakalanga ukuba aphawule.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
