
Idolobha lase eMgungundlovu laziwa kakhulu ngokuthi idolobha lamangisi njengoba lakhiwa ngamangisi futhi beliqhakazile kahle kakhulu njengoba noma uhulumeni waKwaZulu Natal waliqoka njengenhloko dolobha.
Idolobha lase eMgungundlovu lingcole ngalendlela yokuthi liyanuka phuhlu njengoba lihaqazelwa yizibungu nephunga elinqamula amakhala ngathi kusemgedeni yezimbila.
Kugcwele amaphara abamba, inkuzi emgwaqeni omkhulu walo Long Market Street. Izakhiwo zikahulumeni namabhilidi akhona asephuphile wona lawa anqikene nesishaya mthetho. Mangabe uhamba edolobheni ukhahlela indle phansi, nezimpethu njengoba kusuke kuqwaywa ngamaphara.
Kodwa lendawo enesishayamthetho saKwaZulu Natal esinganakekelwa ngoba kusolwa ukuthi imali yokusilungisa yadliwa kusuka kude. Kuqhuma inkuzi emgwaqeni yase Mgungundlovu nasemaphaseji ngoba imhambima yakhona igcwala idolobha lonke lase Mgungundlovu namaphethelo.
Kodwa abantu base Ningizimu Africa bayakhohlisa ngepolitiki engadliwa, bona banikela ngamavoti abo abanye abantu abazi ukuthi kusho ukuthini ukuvota njengoba beshaye ujenge beyovota bayovotelani. Umangabe uhambele amazwe afana no USA, Germany, Canada, Sweden, England, abantu bakhona bavotela izidingo zempilo.
Kulamazwe abantu abayi nje ngokuthanda nokuzonda kodwa ngezenzo nangeqiniso. Abantu base Ningizimu Africa basavota ngokuthanda nangokuzonda, kodwa bona uqobo labo bayakhala ngokuthi umsebenzi awukho, amanzi awekho, inkohlakalo, ubugebengu, ukudayisa kwabantu, ububha nendlala nezifo, bavotela iCovid 19 ne ingculaza, izifo zoshukela,
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
