
UMbali Ndawonde – Makhunga onguthisha wase Dlabesuthu High School eMachunwini esigodini sase” oGujini. UMbali owaqala imfundo yakhe yamabanga aphansi eMhlangano Primary School, waphothula ibanga leshumi eDlabesuthu High School. Waqala imfundo yakhe yamabanga aphezulu esikhungweni sezemfundo edolobheni lase Mgungundlovu. eDumiso Campus nalapho eqhube khona izifundo zakhe zobuthishela lapho ubenza Bachelors of Education.
Uphinde waqhubeka nokufunda ” University of South Africa, lapho efunde wagogoda njengoba ethole Honours in Education Management. Uqale ukusebenza eDlabesuthu High School ngenxa yomsebenzi omuhle awenzayo wokufundisa, ugcine esephathiswa umnyango wakwa Department of Commerce wokuba yinhloko yawo.

UMbali uphinde waxwayisa kubantu base Ningizimu Africa abahlali eseMsinga ukuthi lendawo inabantu abafundile nabaphumelele njengoba ukukhanya kuseMsinga. “Ngiyaninxusa ukuthi niwubheke ngehlo elihle uMsinga ngoba uqhakazile ngemfundo nangamakhono ahlukene njengoba loMsinga obunezimpi kudala manje usukhiqize inqwaba yabafundi.” echaza.
Ngesikhathi sodlame ngeminyaka yama 80s, 90s emadolobheni, uMsinga wafukamela abafundi abaningi abaqhamuka emadolobheni. Abafundi base Soweto, eThekwini, eMgungundlovu, eMpumalanga, Free State, bagcwala ezikoleni zase Msinga. Kubafundi abadumayo ngu Mduduzi Mandoza Tshabalala owabe ngumculi we Kwaito, owayefunda eSomahashi High School ,uZola Dlamini, nabanye abaningi.
Lentokazi iphinde yanxusa abantu abasha baseMsinga ngokuthi bangagani amalambu kodwa baqhubeke bafunde njemanje lendawo yase eMsinga isiqhakazile ebalazweni lomhlaba ngezobuciko namasiko nezemidlalo, izidabulane zothisha.
Khona manjalo iDlabesuthu High School iphase kahle kakhulu ngonyaka odlule njengoba abafundi baphase ngamalengiso ngamikhakha eyahlukene.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
