
Linyuke ngengiya eliphezulu izinga lokuphasa ezikolweni zaseMsinga njengoba ngonyaka owedlule bethole u87,5% zisuka ku84,2% wangonyaka ka 2022. Lokhu kuvele ngesikhathi uMkhandlu waseMsinga kade wenze indumezulu yomcimbi wokuhalaliselwa kwabafundi, othisha kanye nezikole ezenze kahle ngoyaka owedlule.
Umnumzane Ntombela onguMhloli eMnyangweni weZemfundo eMsinga, wethule izikole ezithole u100% ngaphansi koMsinga okubalwa isikole iMawele High, Mqamathi High Mpikayizekani High, Bhekabantu High, Mbomvu High, Bhambatha, Sibonginhlanhla, Sakhisizwe kanye ne Velaphi High.
IMeya ehloniphekile yoMkhandlu waseMsinga uCllr Dr FJ Sikhakhane ubonge abazali, othisha kanye nezinhlaka zonke ezahlukeni ezisingethe ukuphumelela koMsinga. “Umsinga awusafani nakuqala sifisa ukuthi lomcimbi kube yiwo ozogqugquzela impumelelo yabafundi. Siyaziqhenya ngokuthola u87.5% siwuMsinga futhi sinethemba kulonyaka kuzoba ngaphezulu, siyafisa ukukhuphuka size sithole no 100%.
Lo mcimbi ubuhanjelwe amakhosi onke ngaphansi koMsinga nawo ezobungaza iqhaza nezinga eliphezulu elibanjwe othisha nabafundi ukuthuthukisa ezemfundo eMsinga.
Umkhandlu uklomelise izikole ezenze kahle kanti isikole saseMacingwane sizishaye zonke emakhanda njengoba bethole u (119 Bachelors)
-Mawele (111 Bachelors)
-Mabaso (47 Bachelors ).
Obeyinqwele ebafaneni ngokuphasa kahle kube uNgubane Mzobanzi wase(Nyoniyezwe)
Kanti inqwele kumantombazane nguZondo Singathiwe wase(Mabaso).
ITop 5 kwi English,Maths,Physical Science
1. Ngubane Mzobanzi 96% Accounting
2. Zitha Sinakho 91% English
3. Zondo Singathiwe 96% IsiZulu
4. Phungula Mvelo 98% Maths
5. Zondo Singathiwe 97% Physical science
Abafundi baklonyeliswa ngezindondo laptops kanye nokunye. Isikole saseMabizela sithole uR 20 000 ngokuphuma una1 kumqhudelwano weSchools environmental competition, uMkhandlu ubongela bonke abenzekahle.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.




