
Emuva kweminyaka engaphezu kwemibili eqashwe uMasipala wesiFunda uThukela, iMenenja kaMasipala uMnuz MB Mnguni uvaleliswe ngendlela efanele emcimbini obuseDongala Boutique Hotel eMnambithi izolo. Ezinye zezihambeli ebezihambele umcimbi kubalwa amalungu e-EXCO, amaKhansela, abaphathi abaphezulu nezikhulu.
Amaqembu ezepolitiki ahlukene aqhakambisa inhlonipho, encoma iqhaza elabanjwa nguMnu Mnguni ngesikhathi ebambe izintambo zokuphatha. Okuqhapheleke kakhulu kulomcimbi wukuthi wonke amaqembu epolitiki abethamele lomcimbi, akubeke eceleni ukungaboni ngaso linye, ancoma iMenenja kaMasipala ngomsebenzi oncomekayo ewenzile. Bamchaze njengendoda ezinikele, ekhuthele, eqinile futhi enesibonelo nehlale izimisele ukusiza noma ngubani, kungakhathaliseki ukuthi uhlangene kanjani nezombusazwe.
Bekuyilona culo eliculwa ngabaphathi abaphezulu beminyango eyahlukene. Abaphathi bakusho kugcwale umlomo ukuthi uMnu Mnguni ubongwa ngomsebenzi wakhe, umdlandla, ukuzinikela okungantengantengi nokuba negalelo ekulethweni kwezidingo kubantu. UMnu Mnguni wabe esenconywa ngokukhuluma kwakhe isiZulu nesiNgisi. Ngezikhathi ezifanele, angasebenzisa isiZulu esijule kakhulu ukudlulisa umyalezo othile ngokwezwi nangokomfanekiso, futhi ukhuluma kakhulu ngohlelo lolimi lwesiNgisi.
Ethula inkulumo yakhe yokumvalelisa, uMnu Mnguni uthe uhlabeke umxhwele ngokuhleleka komcimbi wakhe wokumvalelisa wonkana. Uqhube wathi njengoba eqale ukusebenza njengothisha waba uthishanhloko esemncane eneminyaka engu-21 ubudala, waphinde washonelwa abazali bakhe esemncane, okumcije futhi kumenze abe ngumuntu oqinile. Uphinde wathi impumelelo yakhe, ehlanganisa ukuchitha iminyaka engaphezu kuka-45 esebenzela umphakathi, iwumphumela wezinto ezenziwe yiqoqo labantu.
“Ayikho into embi ngokushiya kodwa kumele ushiye inhlangano ingcono kunakuqala ungakayijoyini. Ngakho-ke, kufanele, maKhansela aHloniphekile kanye nozakwethu ukuthi ekuqaleni komyalezo wami ngiqale ngokubonga okukhulu ngalesi senzo nangalo mcimbi. Kimina kuyintambama okumele ngiyikhumbule futhi kufanele ngiluthokozele usuku engiqabula ngalo uthuli,” kusho uMnu Mnguni. Uthe lesi yisikhathi senjabulo kanti ngakolunye uhlangothi silethe umunyu.
UMnu Mnguni uthe kuningi akufundile kubantu abebemeseka endleleni yakhe eyagcina isimbeke kwesobu menenja kamasipala ephucuziwe. Ngokusho kwakhe, ubelokhu ezizwa eyingxenye yenhlangano ngobuholi bayo obunobuhlakani kanye neziqondiso. Unikeze izwi leseluleko wathi kudingeka siqaphele ezindabeni zethu zamabhizinisi ngoba umhlaba ugcwele amaqhinga. U-MM uphethe ngokuthi uhloniphekile ngokunikwa ithuba lokuba yiMenenja kaMasipala wesiFunda uThukela, futhi uhamba enokuziqhenya ngesikuzuzile ngokubambisana.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.











