
Ugqamisa ukuba yingcweti umshayeli wetekisi yakwaMashu, uBonga Mlenze oshayela itekisi elihambela umzila osuka elokishini laKwaMashu uya edolobheni eThekwini. Lensizwa yakwa Mlenze, edabuka esigodini saseNzala eMabomvini ithi yakhulela kuwona lomsebenzi ngoba yafakwa uyise. UBonga Ngubane uqale ukusebenza njengothisha wezincwadi zokushayela, waphinda wadlulela phambili ekushayeleni amatekisi ka Baba omncane wakhe Dumisani Ngubane wangena ngokulekela uBaba omncane wakhe omncane okwaba ukuqala kwakhe umsebenzi kelemboni yamatekisi.
UNgubane ungomunye wabashayeli abazithandayo futhi nabawudlayo ukotini. IBUNDA IZINDABA libe negxoxo walibikela ukuthin lemboni isiguquke kangakanani. Wagqamisa ukuthi abashayeli abakhona manje ngabashayeli abasha, abaphucuzekile ngempilo futhi nasebephila impilo yesimanje manje.

“Thina lomsebenzi siwuthatha njengawo wonke umsebenzi osebenza ngokuletha i-service kubantu, manje kubalulekile ukuthi uziphatha kanjani futhi nendlela obukeka ngayo ihlanzekile njengoba ngike ngasho nje, lona ngumsebenzi njengayo yonke, ngakho akekho umuntu oya emsebenzini engcolile noma eyohlukumeza amakhsimende alapho asebenza khona” kubeka uNgubane.
Uqhube wabeka ukubaluleka kokuziphatha kulemboni ngoba njengoba lemboni beyaziwa ngaphambilini, uBonga uthe bona bakhuliswe ngenhlonipho eRenke futhi kunemithetho ehlezi ivuna umgibeli. “Yabona thina bhuti, lana kunoBasi abagade umsebenzi futhi kunezijezo kanye nezinhlauwo mawuphule umthetho, ngakho ke konke lokhu kufakazela ukuthi kunabantu abafundile kulemboni.” kunanela uBonga.

Kukemboni sekugcwele izifundiswa ngoba lana kufika abantu, abanye babo banamajazi emfundo ngamabili namathathu kodwa abangawutholi umsebenzi abawufundele.
Kumanje abashayeli bamise imizi yasemakubo njengoba yibona abondlayo emakubo, bafundisa izingane zasemakubo nezabo. “Ngicabanga ukuthi luphelile loluhlobo labashayeli lakudala abantu abalwaziyo.” kusho uBonga, oshaya ngendlu kanakusho enamakamelo amathathu. Phakathi kulendlu kukhona kushaya aircorn, kubenemphahla yangaphakathi endlini kanakusho, usephinde wakhela umama wakhe isithabathaba sendlu.
Kanti uthi konke uma kuhamba kahle kunenye afisa ukuyakha kodwa kovuma amandla. UBonga ungumlandeli wokuqina we Orlando Pirates futhi akaphuthelwa yimidlalo ye Orlando Pirates nomangabe idlala kuphi kanti futhi uyazifela ngomculo kamasikanda njengoba ephinde awudlalela abagibeli bakhe.
UBonga unezincwadi uCode 14 zokushayela kanti uthi kuyisifiso sakhe ukushayela amaloli okuthi, njalo mangabe ethola isikhathi uyawufuna umsebenzi. Unxusa nomangabe ngubani enkampanini asebenza kuyona yamaloli, amafunise umsebenzi wamaloli njengoba ezifela ngawo. uNgubane uhamba phambili ngenhlanzeko ngoba kunomdlalo obizwa ngokuthi umdlalo wamanzi lapho kucoshwa izimonto zabo kudliwe nokotini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
