Unxenxa abantu besifazane base emakhaya ukuba bangene kwezamabhizinisi

USomabhizinisi wesifazane, uNomvula Maphama Ngubane unxenxa abantu besifazane ukuthi bangene wezamabhizinisi njengoba naye ekulomkhakha. UNomvula uthi yize kungekho lula kodwa lemboni ingazuza lukhulu ekubeni nabantu basefazane abaningi. “Mina ngizalelwe eMabomvini esigodini saKwaDolo ngizalwa ngu Sbongile Ngubane no Babs Ngangendonda Ngubane, kanti ngiqale imfundo yamabanga aphansi kwaDolo Combined School ngadlulela eSomahashi High School lapho ngiphothule khona ibanga leshumi.

Ngaqala imfundo yami yamabanga aphakeme e University of South Africa, nakhona ngiqale ngasebenza ngaphansi komlungu ngabamba amatoho okwathi ngemuva kwesikhathi eside ngingawutholi umsebenzi, ngibe sengiwuthola umsebenzi ngaqala ngenza Cash loan ngaze ngakhula kolona lelibhizinisi futhi ngabhalisa ibhizinisi lami ngokusemthethweni.

Ngaqala ngakha umuzi wasekhaya ngenzuzo engiyithola lapho, ngaphinda ngathenga imoto yami yokuqala ohlobo lweveni ngoba ngihamba kakhulu ezintabeni futhi umgwaqo wangasekhaya ulubhuqu kakhulu njemanje. Ngiqale ibhizinisi le Vayisa Farming Stocks sengiqalile ngaphemba ngezinkomo ezimbalwa.” kuqhuba lentokazi.

“Kodwa ngisadinga uxhaso eMnyangweni weZolimo KwaZulu-Natal noma kungekho okubambekayo kodwa ngiyahlanganisa futhi ngiyazimisela uma into sengithe ngiyafuna ukuyenza” kuqhuba losomabhizinisi usebambe iqhaza elimqoka emphakathini wase eMvoti namaphethelo. UNomvula uphinde enzeDeco mangabe kunemishado nemcimbi yesintu, okubalwa kuwona umemulo, umshado, umbuso, neminye emningi. Losomabhizinisi uphinde anikele emphakathini wase Mvoti ngamaphasela okudla kwabampofu.

Uphinde wanxusa abantu besimame ukuthi basukume bazenzele bona bangabheki kakhulu amadoda nomangabe bashadile noma abashadile, abafinyeze imikhono khona bezothola imali yokuxosha ikati eziko. “Bangaqala ngisho nangosawoti nangamakhandlela kancane kancane kuze kulunge” kugcizelela uNomvula.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.