
Amabhubesi alahle amaphuzu amabili kulempelasonto ngesikhathi edlala ngokulingana ne Drakenseberg FC emdlalweni obuse Kandahar Stadium eMnambithi. Lomdlalo uphele zibambene ngo 0-0 kanti lomdlalo ulethe ingcindezi eqenjini laseMsinga njengoba izimbangi, uMkhambathi FC ziphinde zanqoba njengamanje zihamba phambili ngamaphuzu amabili phambili kanye namagoli zihamba ngawo phambili.
Abafana bamabhubesi kuzomele banyuse amasokisi kulemidlalo elandelayo ngoba kuzomele banqobe ngamagoli amaningi baphinde banqobe yonke imidlalo. Leliqembu lasanda kuqizinisa ngabadlali abanamava kuPSL abafana noThami Sangweni, DJ Hlongwne, Siphesihle Ngcobo, Knowledge Myeni.
Umsinga United uphokophele phambili ukubuyela kodlala imidlalo ye ABC Motsepe League National Play off. Leliqembu laphuma emdlalweni kowandulela owamanqamu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
