
Ukholwa ukuthi uKhama Billiat ufakwe ngu Golfery Vokal Bakasa obishini akulona namuhla ngoba wahluleka ukuxoxisana ne Kaizer Chiefs. UBilliiat kumanje uselahlekelwe ngabaxhasi ngenxa yokuhlwathiziswa ebumnyameni bomhlaba yileliqili elingu Bakasa.
Walahla imenenja yakhe uMike Ngobeni oliqondayo ibhola ngo 2020 futhi noxhumana kahle nabaphathi bamaqembu, njengoba enobudlelwano obuhle nabaphathi bamaqembu. Lona ubephethe abaculi abahlukene eZimbabwe manje kunzima kakhulu ukuthi athole umsebenzi eqenjini elisha.
UBobby Motaung wazifikela kubo ka Khama Billiat ukuzoxoxa nabazali bakhe kodwa ngoba lomoya omubi ubusungenile ekhanda lakhe, wehlula ekhuzwa ngalomuntu ukuthi akaqondile. Kuzokhumbuleka ukuthi uKhama Billiat wanqaba ukuvuselela inkontileka entsha neKaizer Chiefs ngoba yehlise umholo wakhe ngoba engadlali ehlala ngokulimala njalo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
