
Iqembu leCape Town City lemukele uKhaya Lechabela obengumdlali weLeicester City yase England. ULechabela bekulindeleke ukuthi ahambe ezinyathelweni zo Benni MaCcathy, Lucas Rhoo Radebe, Quinton Fortune, Mbazo Mokoena, Mark Fish kanye noShaun Bartlett,
Lomdlali ukhulele kuLeicester City kusukela eneminyaka engu 18 waphinda wakhushulelwa eqenjini le Leicester City elikhulu eneminyaka engu 21 njengoba wadlala umdlalo wakhe wokuqala kuEnglish Premier League wadlala ne Shefield United .
Kulamasizini amabili ubolekiswe ku Shrewsbury ngesizini ka 2021 /2022, kanti ngesizini edlule uyibambe ku Crews Alexanda. Lomdlali ngomunye wabadlali abakhombise izinga eliphezulu kakhulu ekukhuleni kodwa amehlo abethe njo kuyena ukuthi uzogqama ku English Premier League, kepha manje usekhuza ibuya ekhaya ngoba usehlulekile ukuyibamba ishisa intsimbi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
