
Amaphoyisa aseDundee abophe abasolwa ababili abalinganiselwa eminyakeni ephakathi kwengu 32 no 49 ekade behamba ngemonto abakwasidlodlo abayisolile. Ngemuva kokuyisesha lemonto bathole ukuthi nebala ukhona umkhuhlane kuyona ngoba ihamba amasela emfuyo yabamnuzane, futhi bagcwalise kuyona inyama yenkomo ngaphakathi. Lomkhankaso wamaphoyisa angaphansi komkhandlu wase Mzinyathi eDundee wokugcina ukuthula ezindaweni zase makhaya uthele izithelo ezinhle kakhulu.
Imbokodo ebomvu ibambe labasolwa ngokukhulu ukuphazima kweso njengoba lamaphoyisa ahlale eqaphile edolobheni nasezindaweni zonke zesifunda uMzinyathi. Amaphoyisa ababophe lamasela abephethe inyama nemimese nesikhumba senkomo futhi labasolwa abadla imfuyo yomphakathi njengamazimu. Lamasela ahlale ezingela imfuyo yabalimi emapulazini nabamnuzane emakhaya, bese beyazinquma bazidayisele umphakathi.




Amaphoyisa ase Mzinyathi akhiphe isezwayiso esinzima kwabephula umthetho ukuthi bengasondeli kulesifunda ngoba alufakwa lubuya nodaka njengoba esebenza ubusuku nemini beqaphe isimo sokuthula . Loluphiko lamaphoyisa luzinze komkhulu baloDundee nase Helpmekaar Farmers, Glencoe k 9 noma R33 Dundee Pomeroy Road. Labasolwa bazovela enkantolo yase Dundee, kanti Amaphoyisa aseMzimnyathi aphinde anxusa umphakathi mangabe udinga usizo noma kukhona abangakuboni kahle, bathintane no Constable Siyabonga Nkwanyana kuzinombolo zocingo 078 58 44 697/079500 1454 etholakala ubusuku nemini ngazikhathi zonke.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
