
UWade Du Plessis unxusa iqembu le Kaizer Chiefs ukuthi lifongqe isigqoko ku Chippa Mpengesi ngonozinti wayo Stanley Nwabili, ubikele IBUNDA IZINDABA ukumqoka kwalokhu. “Ngibona ukuthi kumqoka kakhulu kuKaizer Chiefs ukuthi ihambe iyophuza itiye noChippa Mbengesi ngonozintiosezingeni eliphezulu kakhulu. UNwabili uyisithenjwa ngoba neqembu lesizwe lakubo eNigeria livimbisa yena kulemdlalweni ye African Cup of Nations. Kuzomele ikusukumele ngokushesha mangabe ifuna ukuvala inkinga ekhona emapalini ayo njengoba noKhune engashiya mangabe kuphela isizini ngo June.
Mangabe bezolala kuzoqhamuka iqembu elinye limthathe ngempela basale bencela izithupha, njengoba edlala eqenjini lesizwe elikhulu kanjena leNigeria futhi maningi kakhulu amaqembu ambonayo ngaphandle kwe-Africa. Lonozinti ungomunye abadlala ngaphansi kwe Dstv Premiership abaqokwe ngokwethenjwa ngamazwe abo ukwamela emdlalweni we African Cup of Nations.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
